
Umfundi Womculo we-Opera Uzitholele Umfundaze Ophambili i-Shooter Voice Bursary Fund
Click here for the English version
Umfundi we-Opera uNkz Avuya Ngcaweni ungohlomuliswe ngonyaka wezi-2017 ngomfundaze ophambili i-Shooter Voice Bursary Fund.
Umfundaze uzokhokhela izindleko zokufunda zikaNgcaweni aze aphothule izifundo zakhe zeziqu eziyiminyaka emithathu kanye nezindleko zezinsiza zokufunda umculo nezincwadi. ‘Angikaze ngicabange ukuthi ngingazuza lo mklomelo – ngizizwa ngikhethekile. Lesi yisiqalo sezinto ezinkulu,’ kusho uNgcaweni.
Oyi-Trust Officer yalo mfundaze uNkz Inge Jansen van Nieuwenhuizen uthe: ‘Kuyinto enhle kakhulu ukuthi sikwazi ukulekelela umfundi ngale ndlela futhi nginesiqiniseko sokuthi uMnu Shooter ongasekho wayenezinhloso ezinhle ngalo mfundaze.’
UNgcaweni uthe imali izomsiza ukuthi afeze izinjongo namaphupho akhe. Ngoba uzobe engasenazinkinga zezimali, uNgcaweni uhlele ukusebenza kanzima, egxile kakhulu ezifundweni zakhe kunezinkinga zezimali.
‘Bengithwele kanzima kakhulu ngingenalo uxhaso lwezimali ngonyaka odlule. Umama wami, ongumzali oyedwa ubengenakho okutheni abengakwenza ukungilekelela. Bengihlala kuze kube yisebusuku kakhulu emtapweni wolwazi ekhempasini ngiqedelela imisebenzi yami yesikole ngoba ngingenawo ilepthophu.
‘Njengomfundi womculo, ukuzilolonga kubaluleke kakhulu ukuze ube umculi osezingeni eliphezulu ngakho bengisebenza nge-keyboard nephimbo lami kuze kube sebusuku kakhulu. Ngihlala eMlazi futhi bengisabela impilo yami zonke izinsuku ngoba bengijwayele ukubuya ekhaya ngezikhathi zehora lesi-9 ebusuku,’ kusho uNgcaweni.
Ukhuthaze abafundi ukuthi balandele izinjongo namaphupho abo. ‘Lokhu esibusiswe ngakho akwandele noma ubani kodwa labo ababusisiwe mabazinikele.’
Njengentombazane esakhula, uNgcaweni wayeziculela nje ezijabulisa ngaphambi kokuthi uthisha wakhe abone ithalente lakhe futhi wamgqugquzela ukuthi aqhubeke nokufundela umculo. Wajoyina ikhwaya yesikole futhi wakuthakasela kakhulu. Uthando lwakhe lomculo lugcine lumholele ekutheni agcine efunda e-UKZN.
‘Njengeqhawe lami umculi we-opera u-Pretty Yende, ngangifuna ukwenza into ezoba nomthelela empilweni yami okungukwelapha abantu ngomculo. Umculo we-opera ukhuluma nabantu. Ayikho into ekhuthaza futhi ethokozisa njengokufunda into oyithandayo. Ukucula kuletha intokozo enkulu kimi futhi kwenza ngibuke impilo ngokunentshisekelo,’ usho kanje.
UNgcaweni ubonge abakwa-Shooter Bursary Fund. ‘Ngiyabonga kulabo ababeneqhaza ngokungithemba nokungipha isipho esihle kangaka. Ngizimisele ukwenza le nhlangano iziqhenye kakhulu.’
Ubonge othisha bakhe base-UKZN Opera School and Choral Academy (OSCA) oMnu Lionel Mkhwanazi, Nkz Amanda Kosi noNkz Slindokuhle Zondo.
Isithombe: Melissa Mungroo